Bahambe begcwele injabulo abebehambele imbizo yesizwe saseMfulamhle, eMzimkhulu, lapho bekuyokwethulelwa isizwe inkosi yaso ngokusemthethweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-October Inkosi Xolani Zulu, eyisizukulwane seNkosi uMadzikana ongumbubi wobukhosi baseMabhaceni, wenzelwe usiko lokuthela amanzi kanye namanye amakhosi amahlanu.
Namhlanje bese kungumcimbi wokumethula ngokugcwele esizweni sakhe njengoba ethathe isihlalo sokukhosi ngoMarch, ngemuva kokukhothama kukayise Inkosi Bhekuzulu Zulu.
Le mbizo beyihanjelwe nangaBantwana baseNdlunkulu abebeholwa nguMntwana uThulani wendlu yaseZibindini nothe usuku lwanamhlanje lugcwalisela izifiso zikamMdlokombane kanye noyise wayo inkosi.
“Uyise wenkosi esihlangene ngayo nguye oqale ukubuyisela ubudlelwano neNdlunkulu nangaphambi kokuba uMzimkhulu ubuyiselwe ngaphansi kwesifundazwe. Ubukhosi balapha eMfulamhle buphelele kabushodi ngalutho njengoba bukwazi nokuzenzela umkhosi wokweShwama. Njengoba iNkosi uXolani enzelwe nosiko lokuthela amanzi kusho ukuthi ubukhosi balapha ekhaya buphelele,” kusho uMntwana uThulani.
Unxuse uMdidiyeli wamabutho uMnu Mhlongo ukuba abuyele endaweni yaseMfulamhle azovuselela ibutho leSilo.
“Namhlanje kuyingqophamlando njengoba iSilo sikhiphe aBantwana baseNdlunkulu ukuba bazohlanganyela nesizwe saseMfulamhle. Ukubakhona kwaBantwana lapha kakuyona into okumele siyithathe kancane. Namhlanje sizogcina usiko njengoba inkosi yenu iye eNdlunkulu yayothela amanzi lapho bekuyohlanjululwa khona isihlalo sikayise ihamba nomndeni. Inkosi beyingeyodwa ngesikhathi kwenziwa lolu siko njengoba bekukhona namanye amakhosi amahlanu. Lapha kuneNkosi ekhona ngokosiko. Usiko lokuthela amanzi kalwenziwa inanoma ngubani ngoba ilona olucacisayo ukuthi iNgonyama iyayamukela inkosi yenu yaphinde yangeniswa esibayeni yethelwa ngenyongo,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.
“Wonke lonyaka besilungisa udaba lwalapha eMfulamhle njengoba lesi sizwe sinezigodi ezingu-15 kodwa izinduna zakhona zingaholi. Kusukela onyakeni ozayo zonke izinduna zizobe sezihola okungeke kube ezaseMfulamhle kuphela kepha zonke zaseMzimkhulu. Abaphikisana nalokho kuyomele baye ezinkantolo ngoba lokhu esikwenzayo sigunyazwa umthetho. Lokhu esikwenzayo sifezekisa izifiso sikaMdlongombane. Izinkinga ebezikhona lapha bese kunesikhathi eside zingalungiseki kodwa siyajabula ukuthi manje sesiluphothulile,” kusho uShenge.
UNgqongqoshe ube esebusisa izaguga namalunga omphakathi ngegilosa.
Ends.
