Categories
News

INHLANGANO YABAFUNDI BASE-STELLENBOSCH I-ZULU SOCIETY, INIKE UNGQONGQOSHE WAKWA-COGTA ITHEMBA BEKHOMBISA UKUZIGQAJA NGOKUBA NGAMAZULU

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthi ubuyelwe yithemba ngekusasa lesizwe samaZulu, ngemuva kokuhambela abafundi basesikhungweni semfundo ephakeme, iStellenbosch Zulu Society,eCape Town, ngoMgqibelo. Lapha ubeyohlanganyela nabafundi abangamalungu alenhlangano ekhuthaza ukuzigqaja ngokuba ngamaZulu esikhungweni okugcwele kakhulu abamhlophe kuso.

Le nhlangano isungulwe nguSenzakahle Mazibuko, ongowokuzala e-Estcourt nongumfundi kusona lesi sikhungo.

Ngaphambi kokukhuluma namalungu eZulu Society, uNgqongqoshe Buthelezi uqale wabukela labafundi beshiyelana inkundla beshaya ingoma besina.

“Ngibuyelwa yithemba ngesizwe samaZulu ukuthi siyaphambili ngempela uma nikwazi ukuzigqaja ngeniyiko noma senikude kangaka namakhaya. Ngiyafisa nje ukuba sibuye sesihamba nebutho sizobungaza nani ngokuhle enikwenza lapha ukuze nikhuthazeke,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.

Uthembise labafundi ukuthi ezinsukwini ezimbalwa nje ezizayo uzobonana neSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, nazobe esesixoxela ngomsebenzi omuhle abawenzayo.
“Ngizosazisa nje iSilo ukuthi sinesizwe saso esiphelele la eStellenbosch.

Ukuthanda kwenu ulimi lwenu kukhombisa ukuthi namakhaya niyawathanda kanjalo nabantu bakini bonke. Lokhu kusho uhlobo lwabaholi bakusasa enizoba yibo,” kuqhuba uShenge.

Yize noma abafundi laba bethi baqala lenhlangano ngoba bethanda ingoma, uNgqongqoshe wakwaCogta uthe usumkhulu umthwalo osemahlombe abo njengeZulu Society ngoba sebemele amaZulu onke njengoba bekulesiya sikhungo.

“Kumele kube nokungaphezulu kwengoma okunihlanganisayo. Kumele nibe nemibono ejulile enganiyisa phambili ukuze nizokwazi nokuqhubeka nokusimela kahle,”kusho yena.

Uqhube wathi kubaluleke ukuthi akhumbuze labafundi ngokubaluleka kokuhlonipha.

“KwaZulu uyaziswa omunye umuntu kasigcini nje ngokugabisa ngokuzithanda nangokuzigqaja ngamasiko, nemikhuba esenza sehluke kwezinye izizwe, kodwa siphinde saziwe ngenhlonipho. Njengoba nilapha nje nisimele sonke, ngakhoke konke enikwenzayo kwenzeni ngokuzigqaja,ukuzithanda,ukuzethemba nangenhlonipho,” kusho uShenge.

UMazibuko uthe le nhlangano bayiqale ngonyaka ka2023 ngoba belambele lokhu abakushiye emakhaya.

“Besifuna ukuqhuba lokhu esikwenza uma sisemakhaya siphinde sikhumbuzisane nangosikompilo lwethu ukuze singasikhohlwa ukuthi singobani.

Ngiyafisa ukuthi lenhlangano ibe nobudlelwano obuhle nomnyango wakho Ngqongqoshe Buthelezi njengoba kuyiwo owengamele izindaba zamakhosi aKwaZulu-Natal. Siyafisa amakhosi azi ukuthi lokhu asifundise khona emakhaya sisahamba phezu kwakho namanje noma sesisemanyuvesi,” kusho uMazibuko.

UNgqongqoshe Buthelezi naye ube esenandisa ngamahubo ambalwa.