Categories
News

BEWUQHUMA PHEZULU UMKIKIZO UNGQONGQOSHE WAKWACOGTA ELETHE INTUTHUKO KWASITANELA EBAQULUSINI

13 July 2025 – UFIKE eyithwele ngamabhakede intuthuko uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

Utheleke endaweni yaKwaSitanela, lapho ethule khona uhlelo lokwakhiwa kukagesi nohlelo oluzoshintsha impilo yabaningi lokuqashwa kwabazosebenza ngaphansi kohlelo lwe-Extended Public Works Programme (EPWP),abangu-30.

Lomcimbi bewubanjelwe enkundleni yezemidlalo khona kwaStanela ngeSonto.

Imeya kumasipala Abaqulusi, uMnu Sifiso Mkhwanazi, wamukele uMfu. Buthelezi ngokubahambela wathi uyamazi akafiki umgodla wakhe ungenalutho.

“Siyabonga Shenge ngokusivakashela uzokwethula izinhlelo ezizoshintsha impilo yabantu baKwaSitanela namaphethelo. Siyabonga nangokunye okuningi osazosilethela kona,” kusho uMnu Mkhwanazi
Inkosi yakwaMthethwa nayo ihambe emazwini kameya yathi ibongela abantu bakwa-ward 23 ngokuhle abalethele khona.

“Lezi zinhlelo zizobuyisa ithemba kubantu bakithi bakwazi ukuxosha ikati eziko”.

Omunye wabantu abasha abathole ithuba lokuqashwa ngaphansi kwalolu hlelo uNkz Samukelisiwe Nene (20), uthe uswele amazwi okubonga ngemuva kokunikwa ithuba loluthi abe yingxenye yabaqashwe nguMnyango wakwaCogta.

“Ngiyabonga kuNgqongqoshe woMnyango wakwaCogta ngento enhle kangaka asenzele yona. Sesizokwazi nokulekelela emakhaya esiphuma kuwo. Ngifisela nabanye ozakwethu esiqashwe nabo ukuthi basebenze kahle,” kusho yena.

Ethula inkulumo yakhe uNgqongqoshe Buthelezi, ubongele izakhamizi zaka-ward 23, wathi zakhetha abaholi ababakhathalelayo. Uthe abaholi baseBaqulusini bayisibuko esikhombisa ukuthi abaholi kumele baziphathe kanjani.

“Lapha silethe intuthuko enizokwazi ukuyithinta ngezandla kasigcini nje ngokukhuluma. Ngilapha nje ngemuva kokuxinwa ngezingcingo yinsizwa enguSamkelo Myeni ebeyingifonela nsuku zonke ikhala ngokuthi abantu baKwaSitanela kabanawo ugesi. Ubethi ukhulumela abantu abahluphekile nabangena gesi,” kusho uShenge.

Ubonge insizwa yakwaMyeni ngokukhulumela kwayo umphakathi iwubeke phambili.

“Kuyamangaza ukuthi namhlanje njengoba silapha nje sizonikezela ngogesi into eyisidingo esikhulu kangaka emva kweminyaka engaphezulu kuka-30. Kuyangijabulisa kodwa futhi ukuthi namhlanje sizovala lelo shobolo. Namhlanje ngizoshiya ithimba lakwaCogta elizohlala lapha lize lihambe mhla kukhanya ugesi emizini engu-430 lapha KwaSitanela,” kusho uShenge.

Uhlelo lokufakwa kukagesi KwaSitanela luzodla imali engango-R6.6 million.

Ends