Categories
News

ISITATIMENDE SIKANGQONGQOSHE WEZOKUBUSA NGOKUBAMBISANA NEZINDABA ZOMDABU UMFUNDISI UTHULASIZWE BUTHELEZI

Kuyintokozo kimi ukuba ngethule ithimba engiliqokile ukuba lixazulule imibango esiyande kakhulu ezizweni zamakhosi.  Isilo esidala uMdlokombane saqala uhlelo lokuthi iNdlunkulu kaZulu ibambe iqhaza lokuxazulula nokudala ukubuyisana lapho kuqubuka khona imibango. 

Ngethula ithimba Labantwana baseNdlunkulu abasebenze isikhathi eside noMdlokombane benza lomsebenzi.  Ukuzinikela kwabo kulomsebenzi wesizwe kuzoba nomthelela omuhle wokuthula nozinzo ezizweni zamakhosi. 

Umthetho i-KZN Traditional Leadership and Governance Act 5 ka 2005 unikeza igunya kuNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana esifundazweni ukuba angamele zonke izindaba ezithinta ubukhosi.  Ukwethulwa kwaleli thimba Labantwana elihlanganisa nezingwevu ezisebenze neSilo esidala ezindabeni ezithinta ubukhosi, kuzoqinisa kusimamise isakhiwo sobukhosi Kwazulu Natal.

Ngicela ukumemezela amagama alelithimba:

  1. uMntwana uMathubesizwe kaBhekezulu (ozohola ithimba)
  2. uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu
  3. uMntwana uVulindlela kaBhekuzulu
  4. uMntwana uMxolisi kaBhekezulu
  5. uMntwana uLindi kaBhekuzulu
  6. uMntwana uThuthukani kaMcwayizeni kaSolomon
  7. Inyosi uBuzetsheni Mdletshe
  8. uMfundisi uCanon Hamilton Mbatha
  9. uMfundisi uCanon Daniel Mthembu

Imindeni yamakhosi ethintekayo ezodinga ukubambisana nalelithimba izokwaziswa ngokusebenza kwalelithimba ngohlelo lwakwa- COGTA. 

Siyathokoza!