Speech by MEC Dube-Ncube at the installation of Inkosi Dlamini-Fodo

Note to editors: Remarks by the KwaZulu-Natal MEC for the Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs Nomusa Dube-Ncube on the occasssion of the Installation of Inkosi Dlamini-Fodo in the uMuziwabantu Local Municipality near the town of Harding. This event was presided over by his Majesty the King Goowdill Zwelithini kaBhekuzulu.

 

Ngibingelela ngokukhulu ukwethaba nokuzithoba ngokuthola lelithuba lapho khona singuhulumeni wesifundazwe salapha kwelakithi KwaZulu-Natali, siphelezele iSilo Samabandla emsebenzini waso wokugcoba ngokusemthethweni nangokwesiko inkosi yesizwe lapha emzini kaFodo namuhla.

Silo samaBandla Onke, silapha nje namuhla ngeke silibale ukuthi izwe lethu lisemanzini kulandela ukuwa kwenye yezinsika nengqalabutho yomzabalazo ehlonishwa umhlaba wonke ubab u-Ahmed Kathrada.  Ngicabanga Hlanga Lwezwe, ukuthi kubalulekile ukuthi sithi uma sizogubha sibungaza ukunyathela koNgangezwe Lakhe lapha KwaFodo, sigubhe impilo nomzabalazo walamaqhawe afana nobaba uKathrada, okuyiwona okwathi uma umkhonto owawusetshenziswa ngamaqhawe eholwa yiziNgonyama ezingoBaba noKhokho bakho Silo uwa, awucosha aqhubeka alwa impi yokukhulula lelilizwe okungukuthi umzabalazo wamakhosi nezizwe wokubuyisa izwe kubaninilo awufinyelelisa esiphethweni.  Sithi ndlelanhle kulamaqhawe akulwile ukulwa okuhle.

Mphakathi nesizwe sonke kungumsebenzi esinentshisekelo ngawo kakhulu lona nina beSilo ukuba imisebenzi kanye nemicimbi namasiko okuthinta ezomdabu, sikunikeze isithunzi esifanelekile, ngenxa yokuthi phela ezomdabu nobukhosi bethu bomdabu bonkana buyisisekelo kanye nomgogodla wethu njengesizwe samaZulu kanye nama Afrika nje ewonkana.

Futhi ke iqiniso wukuthi ngisho nezizwe zamazwe angaphandle angewona awase Afrika nazo zinabo ubukhosi bazo.

Ama Shayina anomlando wobukhosi bomdabu, kanjalo nama Japhani, ama French, amaNgisi njalo njalo.

Bese kuya ngokuthike kulelozwe nalelozwe, izakhamizi zivumelene ngokububeka kuliphi izinga ubuholi bomdabu kanye nezinto eziphathelene namasiko.

Nakuba sazi ukuthi sivumelene lapha eNingizimu Afrika ukuba sibuswe ngaphansi kohlelo lwentando yeningi, kepha nokho siphinde futhi sama saqina egameni lokuthi nakuba izwe lizoholwa ngoMongameli kanye noNdunankulu abavotelwayo ngaphansi kwentando yabantu – kepha angeke sazikhohlisa sithi ubuholi bomdabu abusenayo indima njengomgogodla wethu thina bantu abansundu.

Siyakholwa wukuthi – uma singase silahle ubuholi bomdabu, kusukela ezingeni lezinduna zezinsizwa namagoso ezintombi, kuya ezinduneni zezigodi, amakhosi ezizwe kuze kufike kwinhloko yethu Ongangezwe Lakhe njengoba simphelezele nje namuhla – ngalokho nina boHlanga singabe sesizigwaze ngowethu isibili.

Angithi phela nabamhlophe bathe uma befika kuleli, besazithobile wena owabona inyoka igodole, bezishaya abacela ukuphumula nje badlule baye eMpumalanga beyofuna izinongo zokudla, bahamba bahamba babona ukuthi leli lakithi linothe kakhulu.  Kodwa futhi babona ukuthi akulula ukuba balidle kalula ngoba lababantu abalakhele bayimbumba ngaphansi kobuholi bamakhosi kanye namasiko abo.

Babe sebeqhamuka neqhinga lokuthi basihlakaze basidunge, bacekele phansi ubukhosi bethu.

Ngikhuluma nje namuhla, sehla senyuka singuhulumeni sihambela izizwe ezehlukahlukene ngenhloso yokuba silungise umonakalo omningi odalwe ngamaNgisi ngesikhathi edunga isizwe sikaZulu, eziqokela ngokwawo ukuthi lomhlaba afuna ukuba ubuswe ngaphansi kukabani, ukuze njalo kufezeke izinhloso zawo zokuqhwaga leli lobabamkhulu.

Ngomusa kaNkulunkulu esimkhonzayo, nesijabulela futhi ukuthi sibuswa yiSilo esimesabayo futhi esimazisayo uNkulunkulu – sibe sesikwazi ukuthi sibe nomzabalazo wokulwela inkululeko yalelizwe, nokube wumzabalazo ogcine uzale lenkululeko esesinayo kusukela ngonyaka ka 1994.  Nokuyinkululeko futhi esinikeze amandla okuba sibeke umthetho-sisekelo okwenza kube yimpoqo ukuba kuhlonishwe futhi kunikezwe isithunzi ubuholi bomdabu kanye namasiko ethu esintu.

 

Silapha nje namuhla yingenxa yawo lomthetho-sisekelo, nothe wabe usuzala umthetho kazwelonke iTraditional Leadership and Governance Framework Act ephasiswe ngonyaka ka 2003.

Lomthetho ukubeka kucace ukuthi kungukwephula umthetho ukungaqhamuki nezinhlelo zokubuyisa isithunzi samakhosi kanye nokuvikela indima yamakhosi ekuthuthukisweni kwemiphakathi.

Kube sekubhekwa futhi ukuthi izifundazwe ngazinye kuleli lakithi eNingizimu Afrika zinezimo zokuphila ezingafanani ncimishi, ngakho kuyomele ukusebenza kwalomthetho kazwelonke kubuye kuphundlwe ukuze kuhambisane nesifundazwe ngasinye.

Nebala kube sekuzaleka umthetho wesifundazwe sakithi lapha KwaZulu-Natali, nokuyi Traditional Leadership and Governance Act yona ephasiswe ngonyaka ka 2005, emveni kokuba kube nocubungulo olujulile lwezimo zobuholi bomdabu ezithinta lesisifundazwe sakithi.

Silapha namuhla ngelikhulu igunya elivikeleke emthethweni, ngenhloso yokuba lomgogodla wethu wobuholi bomdabu uqhubeke uthuthuke uye phambili ukuze kuthi lapho uhulumeni usebenza ezingeni lomasipala ukuthuthukisa imiphakathi, lowomsebenzi ube lula ngenhla yobumbano lobuholi boselwa kanye nabaholi abavotelwayo abangamakhansela.

Kwezinye izindawo kuyenzeka-ke ukuthi kube nezinselelo zokungaqini kahle kwamaxhama okuxhumana nokubambisana phakathi kobuholi bomdabu kanye namakhansela.

Nakuba lesisimo kungaseyona inselelo esabalele isifundazwe sonkana ngenxa yomsebenzi ebesilokhu siwenza njengomnyango sihlanganisa iminyango ehlukahlukene futhi silethe uqeqesho olunzulu, kepha lona kusengumsebenzi oqhubekayo.

Ivangeli esilishumayelayo emihlanganweni esibanayo sibandakanya amakhosi kanye namakhansela, yivangeli lokuhloniphana nokwamukelana ukuthi zombili lezizakhiwo zobuholi zisemthethweni futhi zikhona ngokwentando yabantu.  Futhi zombili ziyadingakala uma kungukuthi sifuna ukuyibona ngamehlo siphinde siyiphathe ngezandla intuthuko emakhaya ethu.

Umsebenzi wokuthuthukisa ezomdabu awupheleli nje kulona esingawo namuhla, kepha sinezinhlelo eziqhubekayo zokuba amakhosi acijiswe ngolwazi lwezokuhola ezikhathini zamanje lapho sekunentando yabantu kanye namalungelo ahambisana nayo.

Ngikhuluma nje amakhosi amaningi asefunde agogoda ohlweni lukahulumeni ngokubambisana nenyuvesi yaKwaZulu-Natali, lapho khona senzela ukuba amakhosi aqonde imithetho; akwazi ukusebenzisa ama computer kanye nama internet; akwazi futhi nokuqonda ukuthi uhulumeni nje uwonke usebenza kanjani kumele kulandelwe yiphi imigomo nemigudu nxashane kwethulwa izinhlelo zentuthuko.

Futhi sikwenza kube lula ukuba izakhiwo zamakhosi ngokwazo nje, zikwazi ukuba zisebenze ngokwezinhlelo zawo.  Ekuqaleni kwalenyanga nje sethule izimoto ezimbili ezintsha ceke, nokuyizinqola ezizokwenza kube lula ukuba uSihlalo weNdlu yobuholi bomdabu, iNkosi yaseMadungeni, kanye noSekela Sihlalo, iNkosi uMapholoba, bakwazi ukuhambela imihlango ebandakanya izindlu zobuholi bomdabu ngokwehlukana kwazo ngenhloso yokuba sibe wubumbano oluzokwazi ukushesha luyise isifundazwe sakithi ekusaseni elinenhlalakahle yabantu.

Amakhosi siyawalekelela ngezibonelelo zomakhalekhukhwini, kanti futhi ayaboneleleka ngezinyawo lapho khona kusuke kumele athathe uhambo lwemihlangano ebandakanya umsebenzi wesizwe.

Abanye bethu sebebonile ukuthi kuleminyakana nje edlulile, sesibe nohlelo lokwakha izinkantolo zamakhosi ngendlela ethe ukwehluka ukunaphambilini.

Thina kulohulumeni asikholelwa wukuthi umsebenzi wenkosi kumele uphelele ekuthetheni amacala kuphela.  Kepha sikholelwa wukuthi kumele inkosi nomkhandlu wayo bakwazi ukuba nendawo esebenza nemisebenzi yentuthuko ngokubambisana namakhansela.

Yingakho nje manje sesakha lokhu esikubiza ngama Traditional Administrative Centres, nawo futhi esiwakha ndawonye nezakhiwo zikahulumeni ohlelweni lwama Community Service Centres, nalapho kuba namahhovisi kanye nama boardroom okubamba imihlanango, esiyingini esisodwa nalapho kwakhiwe khona ama office ako Sassa, oHome Affairs, njalo njalo.

Lolu kusewuhlelo oluqhubekayo, ngakho okwamanje uzothola lezizikhungo seziphothuliwe, kanti kwezinye izindawo zisakhiwa.

Nokho nayo inkosi yesizwe esingayo namuhla, ngiyafisa Hlanga Lwamakhosi, Silo Sethu, ukuba ngigcizelele kuyona inkosi ukuthi ngokwesiqu sayo inomsebenzi omkhulu njengawo wonke amakhosi akithi esifundazweni.

Thina okwethu wukuba sidale isimo sokusebenza ukuba sibe lula, sinikeze izinsiza, futhi siqinise namaxhama okubambisana nokuxhumana kwizakhiwo zonkana.  Kodwa ekugcineni umsebeni uyokwenziwa yiyona inkosi uqobo ngokubambisana nesizwe kanye nomkhandlu wayo.

Bantu bakithi, siphila ezikhathini ezimanzonzo kakhulu, lapho khona lingasashoni ilanga kungazwakalanga isimo esihlasimulisa umzimba emakhaya ethu.

Sivuka sizwe kuthiwa sekuhlaselwe amalunga omndeni thizeni wonke kwavalwa ngehlahla; noma mhlawumbe sekuthunjwe usana luzelwe; noma sekudlwenguliwe, njalo njalo.

 

Ngeledlule nje khona lapha ngaphansi kukamasipala iHarding, kade kuvakashele ithimba longqongqoshe besifundazwe ngaphansi kohlelo luka Operation Sukuma Sakhe, nengikholwa wukuthi sonke manje sesiyazi ngaloluhlelo njengoba sekuyophela iminyaka ecela eshumini lusunguliwe, ngenhloso yokuba uhulumeni nemiphakathi ezingeni lamawadi kubanjiswane ukuze kufezekiswe izinjongo eziyishumi nambili eziphambili mayelana nokuthuthukiswa kwabantu.

Okuthe kwahlaluka-ke njengoba iKhabhinethi ibihambele lendawo, kube yizinga lobugebengu obuhambisana nokusetshenizisw kwezidakamizwa, okubalulwe yinina mphakathi njengeseliphezulu ngokwesabisayo.

Elami ke lithi ubuholi bakithi bomdabu busethubeni elikhulu, njengoba noNdunankulu weSifundazwe ubaba uMacingwane, ekubalulile lokhu enkulumweni yakhe yesimo sesifundazwe, ukuba kube yiwo amakhosi nezinduna namaphoyisa enkosi ababonakala beyibambe phambili lempi yokuba kuqedwe lesisihlava sokuphelelwa ngubuntu kubantu bakithi.

Ukuba sonke besingamakholwa, bengizoqinisa kakhulu ngasohlangothini lweZwi likaNkulunkulu. Ngoba phela ezwini likaNkulunkulu yilapho kutholakala khona zonke izimpendulo namacebo okuphila nokuphilisanan ngokuthula nangothando.

Kodwa ngoba asikholelwa sonke eBhayibhelini, ngizothanda ukukhumba isizwe nabona bonke nje abantu bakithi abamnyama ukuthi kusukela emandulo, ngisho inkolo ingakafiki, thina besiyisizwe esiyazisayo inhlonipho futhi esinozwelo komunye nomunye.

Ingane incane ibikhuliswa ngaphansi kwesisekelo senhlonipho, ifundiswe ukubingelela nokuthobeka.

Ngiyafisa nkosi yesizwe namakhosi onke esifundazweni sakithi nasezinduneni, ukuba ngihlabe ikhwelo lokuba sibuyele kokwakithi, sifundise abantwana bethu ngothando nenhlonipho.

Siyazi ukuthi isiminingi imimoya esivunguza ezweni, kanti nezimfundiso seziningi, nokubandakanya izimfundiso ezimbi zobumnyama ezifika kubantwana bethu ngezindlela eziningi, ezinye zazo esingeke sakwazi ukuzinqanda ngenxa yokuthi siphila esikhathini lapho khona sekwaba nezindlela zokuxhumana ezishesha ngaphezu kwesivinini somoya, njengomabonakude nama social network o-facebook no twitter no Instagram njalo njalo. Ngakho-ke ulwazi oluhle lubhebhetheka ngokufana nemfundiso-ze.  Futhi akulula ukugxambukela kwazise siphila esikhathini samalungelo avikelekile kumthetho-sisekelo wethu esiwuhloniphayo.

Kepha ngiyakholwa wukuthi ubuncono singabubona nxa kuphela singavuka siyibambe, ngingasasho ibutho uVukayibambe, okuyibutho leSilo uDinuzulu kaCetshwayo.

Ngempela singakwazi ukuqhamuka namacebo ngokubambisana, okuthi singaluvuselela kanjani usikompilo lokwesaba ihlazo kubantu bakithi.

Bese kuthi-ke lapho khona singeke sisalungisa khona, masibambisane phela ekuthenini izigebengu zibikwe kwabomthetho zifakwe ozankosi, zivalelwe etilongweni.

Akumele nje esizweni salapha kwaFodo, siphile nje kube sengathi konke kuhamba ngononina, ekubenini sazi ukuthi phakathi kwethu kukhona abashushumbisa isidakamizwa iwhoonga ezinganeni zethu. Sithule nje sisonge izandla, sigwinye kushisa njengo Gwinyitshe.

Kanti ama ward committee enzani?  Kanti ikhansela nomkhandlu wenkosi kwenziwani bakwethu, uma kungeke kwahlanganwa kubizwe amaphoyisa kukhonjwe ngenjumbane lapho khona kunomthombo wobunswelaboya?

Indawo yalapha kwaFodo idume kahle bakwethu; njengesizwe nisemathubeni okudlondlobala ngisho nakwezokuvakasha njengoba ninayo ngisho ne Cultural Village esethubeni nelokuthi ikhule ihehe izivakashi eziningi ezivela kuleli kanye nasemazweni angaphandle. Ezokuvakasha sezibalulwe njengeminye yezindlela ezinqala esingakhulisa ngazo umnotho wethu kuleli.

Kodwa konke siyokwenza ngokuba sibambisane ngakuzona zonke izinhlaka zempilo.

Angeke ngiyikhulume-ke nje eyokuziphatha ngendlela kwethu thina baholi.  Nanoma kuphi uma inhloko yekhaya ilahlekile, kanjalo futhi nekhaya lonke liyovele lidunguze ontwini ngokunjalo.

Ngakho nkosi yesizwe sinethemba elikhulu futhi sizohlala ngokukukhulekisa ukuba ukwazi ukuhola isizwe sokhokho bakho ngobuqotho, ngenhlonipho nangobuhlakani obuhambisana nothando kubantu.

Sifunde bakwethu emakhosini asandulela afana namakhosi afana noDavide kanye nendodana yakhe uSolomoni, abadume njengamakhosi akhombisa ubuhlakani obuhambisana kakhulu nokwesaba uNkulunkulu.

Nakuba zaba khona iziwombe lapho khona bashelele baphambuka ezimisweni zikaNkulunkulu, kepha siyababona bezisola ngomkhuleko bebuya bezithoba kuMdala weZinsuku.

Nasi neSilo sethu phambi kwethu, singumholi ongubaba wesizwe omazisayo kakhulu uNkulunkulu. Akusingabazi nokuthi uJehova umbusise ngesipho esingandelenkosi, sokuba alibuse iminyaka eminingi ukwedlula wonke amakhosi emlandweni wesizwe sikaZulu. Hlanga Lomhlabathi!

Ngaleyondlela Nkosi yesizwe sikaFodo nawe ngokuthanda abantu bakho, ubahloniphe uzihloniphe nawe, ngempela uyokwazi ukuba yisibonelo esihle esizweni, kanjalo kuzaleke imindeni nayo esiyozala izizukulwane ezigqame ngenhlonipho, isizotha nobumbano.

Ngithathe lelithuba mphathi wohlelo, ngibonge kakhulu kwi Silo Samabandla ngokungivumela ngithintithe amazolo.

Hlanga Lwamakhosi!