Impahla Yomnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu Yenza Umahluko Emphakathini Wasemakhaya KwaZulu Natal Kuyasetshenzwa ngemishini komasipala Imishini yokusebenza yenani lika R125 million eyethulwe ngungqongqoshe womnyango wokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu uMnu Sipho Hlomuka iyaqhubeka nokwenza umahluko omkhulu empilweni yezakhamuzi zomasipala asebehlomulile ekusabalalisweni kwayo. Le mpahla okubalwa phakathi kwayo ama roller, ama grader, nama TLB’s yabelwe omasipala bezifunda […]
