MKHANYAKUDE CABINET OSS SPEECH BY MEC DUBE-NCUBE

INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUBUSA NGOKUBAMBISANA NEZINDABA ZOMDABU UMHLONISHWA U NOMUSA DUBE- NCUBE KHATHI EVAKASHELE  U WARD 01 WOMASIPALA WASE JOZINI NGAPHANSI KOMASIPALA WESIFUNDA UMKHANYAKUDE  NGAPHANSI KOHLELO LUKA OPERATION SUKUMA SAKHE

==========================================

25 JANUARY  2017

==========================================

Mphathi wohlelo ngokukhulu ukuzithoba, angikhuleke eNkosini yesizwe sakwaNgwenya le wardi engaphansi kwaso;

Ikhansela le wardi   umfwethu u Nkosinathi Myeni;

Izinduna zenkosi okungabe zingaphakathi kwethu;

Abahlala kwi war room bonke;    

Amalunga omphakathi;

Sanibonani…

 Mphathi wohlelo, ngijabula kakhulu ukuthi uHulumeni wethu phinde futhi wenze esinye isikhathi sokuthi  iKhabhinethi yonke, iphinde futhi izohlala kulengxenye yesiFundazwe sakithi. Lokhu, kukhombisa ngokusobala ukuthi uHulumeni wethu, ukuqonda kabanzi ukusalela emumva kwalesiFunda,  uma kuziwa kwezentuthuko.

Bazokhumbula abaningi ukuthi uMkhanyakude wathathwa owayenguMongameli wakuleli, uThabo mBeki, njengoMasipala wesiFunda phecelezi presidential node. Nokusho ukuthi indawo empofu okufanele uHulumeni enze konke okusemandleni ukuthi imali eningi ibekwa eceleni ukuze ithuthukiswe lendawo.

UMongameli akagcinanga nje ngokuthi enze lesosimemezelo kodwa uHulumeni wesiFundazwe ugijime ngesivinini esikhulu ukuphuthumisa izinhlelo zentuthuko lapha. Izinhlelo lezi engiziqhenya kakhulu ngazo njengoba  ezinye izinxenye zalesiFunda seziyaqala ukukhombisa umehluko. Ngakho-ke silapha futhi namuhla ukuthi siqhubeke senze umehluko ezimpilweni bantu bakithi balapha  eMkhanyakude.

Bazongivumela abaninigi uma ngithi lesiFunda singezinye salezo ndawo esiFundazweni  okwakuthiwa ikobantu. Nokuyizindawo  lakhona oHulumeni baphimbilini, bengasebenzisanga ngisho isenti labakhokhi bentela, ukuguqula izimpilo zabantu kulendawo. Inselelo ebinkulu kakhulu nesenkulu namanje kulendawo ukuntuleka kwamanzi. Into lena uHulumeni wethu enza konke okusemandleni ukuthi wonke umuntu owakhele lesiFunda, akwazi ukuthi aphuze amanzi ahlanzekile.

Kulapha eMkhanyakude lakhona iningi labantu liqale ukuba nogesi njengoba sekuphethe loHulumeni wabo. Bakhona kulendawo abazalwa baze bashona ugesi bewugcina ukuwoba kobelungu. Ngendlela isimo esasisibi ngayo abantu bakithi abaningi babazi ukuthi vele njengbantu abamnyama, akufanele babe nalezidingo ngqangi zingezabe lungu. Kodwa uthe loHulumeni wethu mawuthatha izintambo zombuso kwavuleka ikhasi elisha ezimpilweni zabo.

Sise wardini lakhona kunezinkulisa ezingu 08 nokusijabulisa kakhulu ukuthi kuqala ngaloHulumeni ukuthi abantwana balapha sibe nezakhiwo lapho babunjwa khona besebancane. Siyajabula kakhulu ngomsebenzi owenziwa umnyango wethu wezokuThuthukiswa komphakathi kulezinkulisa nesethemba ukuthi ngokubambisana nomphakathi lukhulu abantwana bethu abazolizuza.

Kwezempilo nakuba singafinyelele lapho sifisa khona kodwa siyabonga ukuthi ukhona umtholampilo lakhona abantu bakithi abakwaziyo ukuthi banikele khona uma kungaphilekile. Ngokuqonda ukuthi umphakathi mningi futhi ngeke sakwazi ukuthi sakhe imtholampilo zonke izindawo, uHulumeni wethu wenze izinhlaka zokuthi kube nemitholampilo engomahamba nendlwana efika ngezikhathi ezithize evikini noma enyangeni, abantu bakithi bakwazi ukuthi basizakale. Selehlile ngempela izinga labantu obekuphoqa ukuthi umphakathi wonke uhambe amabanga amade ukuze ukwazi ukufinyelela kulezidingo ngqangi.

Siyajabula futhi ekutheni sibuyisile isithunzi kubantu bakithi obekuyaye kuphoqe ukuthi babambe imihlangano ngaphansi kwezihlahla ngoba amahholo engekho. Siyazi-ke ukuthi kule wardi akhiwe amahholo amabili nesethemba ukuthi umphakathi wonke uyakwazi ukuthi ufinyelele kuwona uwasebenzise ngokulingana.  Siyanxusa ukuthi umphakathi usilekele ekutheni lezakhiwo ziphathiswe okwezikhali zamantungwa.

Sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi  balinganiselwa ku 30 % nje kuphela abantu bakithi okumanje bano gesi kulendawo. Sikhathazekile kakhulu ngesibalo eziphezulu sabantu bakithi abangakabi nawo ugesi . Umnyango wami nokuyiwona owengamele ukulethwa kwalesi dingo ngqangi usebenza ngokungenamkhawulo ukwenza isiqiniseko sokuthi enhla nasenzansi nalesiFundazwe sakithi abantu bonke banawo ugesi. Sikwenza lokhu ngoba sazi kabanzi ukuthi ukubakhona kukagesi akugcini nje kuphela ngokuthi abantu bakhanyise, kodwa futhi kuvula namathuba okuthuthuka ngakwezomnotho. Ingakho uHulumeni wethu ukuphakelwa kukagesi ukubeke eqhulwini. Sikhuluma nje isiFundazwe sonke singaphesu kuka 85% wabantu asebefakelwe ugesi. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi nalapha kungekudala sobe sibheke ku 100%.  Lokhu sikuthatha njengomsebenzi omkhulu esiwenzile uma ubheka lapho siphuma khona siyisiFundazwe nokungahlukene nokuthi loHulumeni kwafanele ukuthi uqale phansi kwa A. Ngakho socela emphakathini ukuthi usibekezelele, asinikhohliwe neze-neze.

Mphathi wohlelo uhulumeni wethu usebenza kanzima ukuthi abantu bakithi bakwazi ukuziphilisa ngokuthi uqhamuke nezinhlelo eziningi zokuxosha indlala. Phakathi kwezinye u hlelo olwengamelwe umnyango wami I Commmunity Works Programe(CWP) okumanje esiFundazweni, selwakhe amathuba omsebenzi evile ku 50 000.  Ngikhuluma nje nale wardi ingezinye zezindawo ezihlomulile kuloluhlelo njengoba belinganiselwa ku 48 abantu bakithi asebekwazi ukuthi baxoshe ikati eziko ngaphansi kwaloluhlelo.  Yebo siyazi ukuthi baningi abantu bakithi abangasebenzi ingakho senza konke okusemandleni ukuthi wonke umuntu uyalithola ithuba ikakhulukazi labo okubonakalayo ukuthi ngampela isimo asisihle. Ngakho siyacela ukuthi lemisebenzi siyihloniphe, ngemali esiyitholayo, asizame ukuthi siqhamuke namasu azokwazi ukusiphilisa isikhathi eside. Angishoke ukuthi senza konke okusemandleni ukuthi loluhlelo silukhulise kuhlomule abantu abaningi. Sikwenza lokhu nakuba uHulumeni wethu engaphansi kwengcindezi enkulu yokungabibikho kwezimali.

Mphathi wohlelo isomiso sesishiye omkhulu umonakalo kulesiFunda sase Mkhanyakude. Kufe wena nkomo wena mbuzi konakala nokunye okuningi abantu bakithi abaziphilisa ngakho. Lokhu kube nomthelela omkhulu kakhulu ezinhlelweni zamanzi nani enizaziyo, uHulumeni wethu azama ngazo ukuthi kuso sonke lesiFunda umuntu nomuntu aphuze amanzi ahlanzekile. Nakuba kunjalo njengoHulumeni onakekelayo senze izaba zokuthi lapho amanzi engekho khona sithumele ama water tankers, saphinda futhi samba nama bore holes. Yebo siyazi ukuthi umphakathi awunelisekile ngelokuthi izimoto zamanzi zibuye zingafike kwesinye isikhathi, uthole ukuthi amaboreholes awasakhiqizi manzi. Asikuqonde lokhu ukuthi phakathi kokunye kwenziwa ubukhulu besomiso esihlasele isiFundazwe sethu nezwe lonkana. Kodwa senza uphenyo lapho amaboreholes engasebenzi khona sibambisene noMasipala wesiFunda, kungekudala ukhona umehluko enizowubona.

Mphathi wohlelo wohlelo ngingapbala siphelelwe isikhathi izinto uHulumeni asezenzile lapha esikhathi esincane ethathe izintambo zombuso. Namuhla-ke asizile lapha ukuzothula izinkulumo ezinde. Phela usuku lolu lakhona umphakathi kufanele ukhulume nathi njengezisebenzi zawo ukuthi ikuphi lakufanele siphuthume khona. Thina okwethu ukuthi silalele umphakathi okhala ngakho, ebese senza izaba zokuthi sikulungisa kanjani ngesivinini, iqhubeke impilo yabantu bakithi iye phambili. Kuleliqophelo angibonge ithuba enginikwe lona, ebese ngideda inkundla ukunika umphakathi ithuba lokuthi uzwakalise ilaka lawo.

 Ngiyabonga…