Ulwaluko festival speech by MEC Dube-Ncube

INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUBUSA NGOKUBAMBISANA NEZINDABA ZOMDABU KWAZULU NATAL UMHLONISHWA U NOMUSA DUBE-NCUBE EMCIMBINI WOKWEMUKELWA KWAMA KWARA EMVA KOKUSOKWA KUMASIPALA WENDAWO WASE KOKSTAD

==================================

06 January 2016

==================================

Ngokukhulu ukuzithoba angikhuleke eSilweni Samabandla esingaphakathi kwethu…Bayede;

Undunankulu ubaba u Willies Mchunu;

Ongqongqoshe bonke abakhona;

 Usihlalo wendlu Yamakhosi Omdabu Inkosi Chiliza,

Imeya yomasipala wesiFunda I Harry Gwala umhlonishwa Undobe;

Izimeya zonke zomasipala bendawo ezikhona;

Amakhosi aseNdlunkulu;

Ubuholi bekomidi leNdlondlo;

Umphakathi wonke wase Kokstad namaphethelo;

Ngiyanibingelela….

Namhlanje-ke usuku olubaluluke kakhulu esiFundazweni sethu njengoba silapha siphelezela Ongangentaba-zakhe sizogubha ukubuya kwama Krwala osuthwini. Okukhulu kakhulu ukuthi zonke lezinsizwa ezisencane zibuye ziphila njengoba sazi ukuthi kwezinye izindawo lesi kuba isikhathi sokulila omama bekhala bekhalela amadodana abo aselele ubuthongo baphakade.

Ukubuya kwabo bephila bekungeke kwenzeke Bayede ukube bekungasibona ubuhlakani nobuholi   bakho obulokhu  busikhanyisela njalo ikakhulukazi ezintweni ezithinta imvelaphi yethu abanye bethu abanolwazi olufishane kuzo. Sithi-ke uqhubeke njalo Bayede usihole ungakhathali, simbonge futhi nonkulunkulu ngokuthi ulokhu eqhubekile njalo nokukupha  impilo ngoba yena uyazi ukuthi usemningi umsebenzi okusafanele uwenze esizweni sakho.

Sokhumbula sonke ukuthi ukuvuselelwa kwesiko lokusokwa kwethulwe ngokusemthethweni ngonyaka ka 2014 kwephezulu. Lapha uhulumeni wethu wawulandela umyalelo weMbube wokuthi libuye lelisiko esizweni samaZulu noma esifundazweni.

Isilo sagcizelela kakhulu ukuthi uma lelisiko livuselelwa, phakathi kokunye kofanele kube neqhaza elikhulu elibanjwa uMnyango wethu Wezempilo oholwa uDinangwe. Sizokhumbula futhi ukuthi Isilo besingeneme neze ngezigameko lakhona abanye baba ntwana bethu bengabuyi bephila ekwalukeni. INgonyama yakubeka ngokusobala ukuthi zonke izinhlaka emphakathini kufanele zisebenze ngokubambisana ukugwema lesihlava. Lokhu kumbandakanya nezakhiwo ezikhona emphakathini ezibhekele amasiko ukuqinisekisa ukuthi onke amakhwara eSilo abuya esadla anhlamvana futhi ephilile.

Unomthebe wethu wabe usuyalela ukuthi lomcimbi akube umcimbi waminyaka yonke. Nembala njengohulumeni olalelayo salisabela ikhwela Longangezwe-lakhe ngoba phela INgonyama yase ikhulumile futhi-ke akekho namunye ongenza okuphambane nezwi Lezul- eliphezulu. Ingakho-ke silapha namuhla siphume ngothi lwethu ukuzoguba lolusuku.

Phakathi kwethu-ke ngiyazi kukhona abazali nabo abazogubha nathi. Siyazi ikakhulukazi omama bebelala bengalele becabanga amadodana abo asohlelweni lokhishwa ebafaneni  angene ebudodeni. Yiwo lamadoda okuzothi emva kwalokhu akwazi ukubheka imindeni yawo ebese futhi ekwazi nokuthi afake isandla ekwakhiweni kwesizwe.

Lokhu ngikusho ngoba khathi abantwana belapha entabeni bafundiswa okuningi kakhulu abangeke bakufunda esikoleni. Bafundiswa phakathi kokunye ukuthi indoda yini, kulindelekeni kuyo kanti futhi kufanele iziphathe kanjani.  Bayafundiswa futhi ukuthi abantu besifazane nezingane kufanele zivikelwe yibo akungabi ibona abazihlukumezayo. Lemfundiso ibalululekile kakhulu ngoba siyabona ukuthi kumanje izwe lethu libhekene nenkulu inkinga yokuhlukumezwa kwezingane ngokunjalo nabesifazane emiphakathini yethu. Bahlukumezwa ubani njalo? Yibo belu abesilisa abathandana nabo, ababaganile kwezinye izikhathi ababazalayo noma abazalwa nabo.

Ingakho-ke njalo ngihlale ngikuthakasela kakhulu ukuba khona kweSilo phakathi kwethu ngoba sona ezikhathini ezininigi, sihlale siphambili kwethu ngokucabanga. Sisifundisile ukuthi akusizo kuphela izinto zasentshonalanga ezizoxazulula izinkinga zethu, kodwa kofanele sibuyele amasikweni ethu naba namagalelo amakhulu ukwakha isizwe.

Phambilini kuyiqiniso elingephikwe ukuthi zazingadlangile kangaka izigameko zokuhlumezwa kwezingane nabesifazane. Kunalokho abesifazane babehlonishwa kakhulu kungekho sinqumo esithathwayo ekhaya omama bekhaya bengazi. Langiqonde khona isekutheni uma beya ngokuya banda abantwana bethu abathamela lezizikole zolwaluko, nginethemba mina lokuthi isithunzi sethu njengabantu bengabadi, sizobuya.

Akesibheke nje futhi enye yezinto esasingayinakile sonke ukuthi ibe negalelo elingakanani lokubuyisa isimilo ezinganeni zethu zamantombazane. Lapha ngikhuluma ngomkhosi womhlanga nawo obanjwa minyaka nothanyelwa izinkulungawane zamatshitshi, nokuyilapho zifike zishiye khona umhlanga komkhulu ukufakazela ukuthi ziseyizintombi nto. Lomcimbi ukhula minyaka yonke okufakazela ukuthi  nabazali sebeyayibona lento Isilo esayibona kuqala. Phela futhi lapha akukho mtwana ophoqwayo kodwa iloyo naloyo mzali nengane bayazinqumela.

Kulomkhosi  izingane zethu ziyagqugquzeleka kakhulu ukuthi ziziphathe kahle ngendlela okuyaye kube kuhle ngayo uma abantwana bekulomcimbi. Umtwana oyile uye afise ukuya futhi nangomuso. Siyazi ukuthi abantwana bethu bayaye bahlolwe  nokubanikeza amathikithi okuthi baphathe umhlanga ngokukhulu ukuziqhenya bebheke Enyokeni, komkhulu. Konke lokhu kungenxa yoholo oluhle lweSilo sethu.

Omabili-ke lamasiko Isilo nohulumeni banethemba elikhulu ukuthi azosiza kakhulu ekutheni kuliwe nesifo senculaza, esazi sonke umonakalo esesiwenzile emiphakathini yethu.  Siyazi ukuthi kunocwaningo lokuthi abesilisa abasokiwe kunamathuba angu 60 wamapehesenti okuthi angasuleleki ileligciwane lesandulela ngculaza. Kodwa kofanele sikugcizelele ukuthi lokhu akusho ukuthi uma usokiwe ngeke wasuleleka ngaleli gciwane. Ozizwa ukuthi ufuna ukuyocansini akasebenzise amajazi omkhwenyana uhulumeni wethu lo onakekelayo awanikezela mahhala kuyo yonke imitholampilo ekhona kweleMbube.

Bayede lona-ke akusiwo umcimbi wami, kodwa umcimbi weSilo nokuyisona okufanele sikhulume nabantu baso mayelana nokubaluleka kwawo. Okwami bekuwukusika nje elijikayo Zul-eliphezulu.

Kodwake sengihlala phansi ngicela ukuthatha lelithuba ngibonge kakhulu ekomidini leNdlondlo elinegaleleo elikhulu lokuthi lomsebenzi esihlangene ngawo namuhla uhamba njengoba Isilo sifisa.

Sibonge ukusebenza ngokubambisana kwabezempilo ngokunjalo nabalaphi bethu bomdabu ukuthi abantwana bethu babuye bephephile futhi bephilile.

Ngibonge futhi kakhulu koNgqongqoshe bonke abaminyango yabo ibenegalelo elikhulu lokhuthi ukuvuselelwa kwaleli siko kube impumelelo. Ngampela besingeke sibe lapha  namuhla ukuzogubha ukubuya kwezingane zethu osuthwini.

Ngibonge futhi nakubazali ngokusethemba kwabo ngibangxenxe ukuthi baqaphele ngazozonke izikhathi ukuthi izingane azisiwa ezikoleni zokusoka ezingekho emthethweni noma ezingagunyaziwe uhulumeni. Ngikusho lokhu ngoba ezigamekweni eziningi zokudlula emhlabeni kwezingane zethu osuthwini, nokulahlekelwa ubudoda bazo, kuyatholakala ukuthi kwesinye isikhathi zisuke zisokwa abantu abangakulungele. Ngithi noma ngabe ubani onolwazi lwalabantu abangagunyaziwe ukusoka izingane zethu, abikele amaphoyisa ngokukhulu ukushesha kungaze kulahleke imiphefumulo.

Bayede angithathe lelithuba ngifisele iSilo nabantu baso  unyaka omuhle nonezibusiso. Bese futhi ngibonga kakhulu kubantu beSilo nangendlela abaziphathe ngayo kulama holidi njengoba zingekho izigameko ezitheni ezimbi ezibe khona. Sibonge-ke futhi nakumdali ngokuba nomusa ekutheni singabi nokhisimuzi onezinhlekele njengoba kuyaye kwenzeke kweminye iminyaka.

Bayede…..

 

 

1 comment

Comments are closed.