Uhulumeni uhlinzeke R3, 1 billion oqondene nengqalasizinda yamanzi

  • Ukufakwa kwemali ezobhekana nezinselele ezichaziwe yi Provincial Water Master Plan (Uhlelo Lwesifundazwe Lokuhlinzeka Amanzi)

Umnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezomdabu ngaphansi kobuholi buka Mnu Hlomuka ukuthakasele ukufakwa kwesamba sika R3,1 billion esizoqondana nokwenziwa ngcono kwengqalasizinda yamanzi komasipala besifundazwe njengalokhu kuchaziwe yiProvincial Water Master Plan.

Lokhu kumenyezelwe nguMnu Hlomuka ngoLwesihlanu mhla ka 21 kuNhlaba ngesikhathi ethula inkulumo yesabelomali eSishayamthetho saKwaZulu Natal.

Ukwabiwa kwalesi samba kumi kanje:

  • Eyokuxhasa ingqalasizinda yomasipala (Municipal Infrastructure Grant) R1,3 billion
  • Eyokuxhasa ingqalasizinda yamanzi (Water Service Infrastructure Grant) R887 million
  • Eyokuxhasa Izifunda (Regional Bulk Infrastructure Grant) R300 million
  • Eyokuqalisa uhlelo lwesifundazwe lwamanzi (KZN Provincial Water Master Plan) phansi ko Mngeni Water – R653 million

UNgqongqoshe uHlomuka ukholwa wukuthi lezi zabelo zizohlinzeka imali edingekayo kakhulu yokubhekana nokusilela emuva kwengqalasizinda yezamanzi esifundazweni njengamanje okulinganiselwa ku R11 billion.

Umnyango usulethe izinguquko eziningi kwinqubo yokusetshenziswa kwemali yoxhaso , phakathi kwazo okubalwa iziphakamiso:

  • Ukuchibiyela indlela yokwabiwa koxhaso lwengqalasizinda yomasipala (MIG) ukuze ivune uhlelo lwamanzi nokukhucululwa kwetshe lentaba, yimigwaqo yomphakathi  nokuthuthwa kwemfucuza nezindawo zamathuna ngokuqonda ukuthi lokho kusho ukwehliswa kwezabelo eziqondene neminye imisebenzi;
  • Ukumiswa komkhuba “wokuvala” isabelo sokuxhasa ingqalasizinda kamasipala (MIG) ngenxa yokwahluleka komasipala ukusebenza bese kuthi lesosabelomali sidluliselwe kolunye uhlelo lomsebenzi ukuze kungashayeki umphakathi okumele usizakale; kanye
  • Nokubeka eqhulwini ingqalasizinda engasasebenzi nasezindaweni lapho lungekho uhlelo lokuphakela amanzi.

Uhlelo Lwamanzi Lwesifundazwe iKwaZulu Natal olusanda kuphothulwa nolunikeza isithombe kabanzi ngesimo samanzi esifundazweni, lugqamisa ukubaluleka kokuba kuqhutshekwe nokutshala imali kwingqalasizinda entsha yamanzi kuso sonke isifundazwe.

Kule nkulumo yesabelomali uNgqongqoshe uHlomuka umemezele ukuthi umnyango uzotshala futhi uR33 million ozoqondana nezimo zokungenelela eziphuthumayo kwezamanzi kuso sonke isifundazwe okuhloswe ngazo ukwenza ngcono ukuthola amanzi komphakathi namabhizinisi.

Ends