USUKU oliyingqophamlando lapho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguMfu. Thulasizwe Buthelezi, uthe lumkhumbuza iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uMntwana wakwaPhingangene, osakhothama ngeqhaza abe nalo ekulweleni amakhosi ukuze athole inhlonipho efanele.
“Uyedwa vo umhloli owaba nombono ngesakhiwo sobukhosi ePhalamende, lowo kube nguMntwana wakwaPhindangene. Lowo mbono uwushiye kuNgqongqoshe wakwaCogta kuzwelonke uMnu Velenkosini Hlabisa kanjalo noNdunankulu Thami Ntuli, onguNdunankuku kulesi sifundazwe. Yilabo baholi bobabili abaphethe umbono kaMntwana wakwaPhindangene,” kusho uShenge.
“Namhlanje ngusuku olubalulekile lapho sizokwethula khona uhlelo olungakaze lwenzeke kulo hulumeni wentando yeningi. Luzofakazela izimiso zethu zokubuyisa isithunzi sobukhosi. Kuyasijabulisa nokubakhona koNdlunkulu bamakhosi ngoba kasifisi bazizwe besele ngaphandle. NgoLwesihlanu olwedlule besiseMandeni ngaphansi kwesiFunda iLembe, lapho sishiyele oNdlunkulu bamakhosi izinsizakusebenza zamabhizinisi ukuze nabo bakwazi ukuzithuthukisa,” kusho uShenge.
UNgqonqoshe uveze ukuthi yize noma uMnyango wakwaCogta kuyiwo obhekelele izindaba zamakhosi kodwa kuqubuka imvunge njalo uma kunezinhlelo ezithuthukisa amakhosi eziqubuka ePhalamende kuthiwe makaphendule.
“Namhlanje sizokwethula uhlelo olubizwa ngokuthi yiMakhosi Legacy Plan, enezigaba ezintathu ezolekelela amakhosi ngempesheni, yi-medical aid nokongiwa kwemali. Kuningi sibona amakhosi esebenza impilo yawo yonke kodwa uma esekhulile angahlomuli ngalutho kodwa ebe ekade esebenzela imiphakathi yawo,” kusho uShenge. Kulolu hlelo ngisho oNobhala basezinkantolo zamakhosi nabo kukhona abazokwazi ukukuhlomula, kuthi uma sebephuma emsebenzini nabo baphume nempesheni yabo.
“Kulolu hlelo lwesikhwama sempesheni kukhona amakhosi azokukhipha kuphinde kubekhona okunye okuzokhishwa nguMnyango wakwaCogta. Uhlelo lwe-medical aid sikhethe ukuthi sisebenzisane noBonitas ngoba amakhosi abenayo beyifana nento engekho. Lapho amakhosi edinga usizo lwezempilo bazoqonda ngqo ezibhedlela ezizimele bathole ukwelashwa ngendlela enenhlonipho. Kuzophinde kube nohlelo lokubekwa kwemali (investment), okuyoba yifa inkosi eshiyela izisukulwane.
“Siphinde sathatha izinqumo sokuthi kuqalwe kabusha umthetho obizwa nge-KwaZulu-Natal Traditional Leadership and Governance Act, 2005 (Act No. 5 of 2005), ngoba ubushiya kunezinkinga eziningi emindenini ngakho-ke sifisa ukuthi uchibiyelwe kabusha. Lolo hlelo.sesiphezu kwalo sisazohambela izindawonzamakhosi sithatha imibono eyahlukene. Lomthetho okhona ngokusho kwamajaji asesibhekele wona ufana nento engekho yingakho sifisa ukuthi uqalwe phansi ukuze ungagcini usidalela izinkinga isihlalo sobukhosi sithathwe ngumuntu ongafanele,” kusho uShenge.
USihlalo weNdlu yamaKhosi KwaZulu-Natal, iNkosi Sifiso Ndelu, uncome umsebenzi omuhle athe wenziwa nguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi. Lokhu ukusho lakho bekuhleli iNdlu yamaKhosi ngoNgqongqoshe uButhelezi, obekungumhlangano obewubanjelwe oLundi. Inkosi uShinga uthe yize noma bekufanele ngabe kuvulwa iNdlu ngokusemthethweni nokugcine kuhoxiswa kulandela ukuthi iNdlunkulu kaZulu isemanzini ngemuva kokudlula komunye woNdlunkulu othathwa njengongumgogodla eNdlunkulu.
“Sibikile kusona Isilo ngalomcimbi wanamhlanje wawunika isibusiso ngokwake siyacela ukuthi siwenze ngesizotha sikhumbule ukuthi kuziliwe. Njengesigungu esiphezulu seNdlu yamaKhosi, siyabonga kakhulu kuNgqongqoshe uButhelezi ngendima enkulu ayidlalayo njengoNgqongqoshe wakwaCogta. Kuningi njengamanje esikubonayo nesikukhombayo selokhu engenile kulesi sihlalo kusukela onyakeni odlule,” kusho Inkosi uShinga.
Uqhube wathi uyakholelwa ekutheni ekutheni uNgqongqoshe Buthelezi usebenza kahle kanhaka namakhosi ngoba enenhlonipho enkulu ngobukhosi bakwaZulu neqhaza elidlalwa ngamakhosi.
“Ziningi izinhlelo azenzela amakhosi nokusikhombisayo ukuthi uzibophezele ekutheni kufezekiseke akusho efika ukuthi ufisa ukuthuthukisa amakhosi. Sike sabona sesiyobuka nomdlalo uShaka iLembe, singamakhosi ngokukhethekile,kuhlelwe nguye uShenge noMnyango wakhe,” kusho yena.
Amakhosi angu-50 abe esenikezelwa gama-Laptop nama-printer ngokubambisana nabakwaVodacom.
“Olunye uhlelo esiziqhenya kakhulu ngalo yilolu esilwenza ngokubambisana ne-UKZN apho amakhosi angu-50 efunda kulesi sikhungo nokuyiwo esiwanika ama-laptop nama-printer. Siwathulela isigqoko amakhosi akulolu hlelo njengoba ekwaze ukuhlangana noMbhishobhi omkhulu uDkt. Thabo Makgoba ewacwijisa ngokuba ngabaholi abaqotho,” kusho uShenge.
Ends.