Emadlangeni Imbizo Speech by MEC Nomusa Dube-Ncube

AMAZWI KANGQONGQOSHE WEZOKUBUSA NGOKUBAMBISANA NEZINDABA ZOMDABU KWAZULU-NATALI, UMHLONISHWA UNOMUSA DUBE-NCUBE, EMBIZWENI KUMASIPALA WASE MADLANGENI

==================================================================

31 Januwari 2017

==================================================================

Mphathi wohlelo;

Amakhansela wonke;

Amakhosi;

Izinduna;

Mphakathi waseMadlangeni  wonke;

Angibonge ngokuthola lelithuba lokuba sihlanganyele kanye nani lapha namuhla kulembizo, nokungenye ngenye yezindlela esizama ngayo siwu Hulumeni wenu, ukuthi sihlale-sihale, sixhumane nani uma kukhona isinqumo esikhulu esisithathile, nesinomthelela omkhulu kwinhlalakahle yenu.

Izimbizo-ke zenzeka ngaphansi kohlelo lukaHulumeni oluzichaza lona njengoba kusukela ngisho nasemandulo besazi njengabantu abangama-Afrika ukuthi kuyaye kuhlale- kuhlale bese kubizwa imbizo, lapho khona kuzodingidwa udaba oluthile ngenhloso yokuba kuhlanganiswe amakhanda ngenhloso yokuthola isisombululo enkingeni okungabe umphakathi noma isizwe sihlangabezane nayo..

Ngokwazi kwethu ubudlelwane bethu njengoHulumeni wenu buhle kakhulu okufakazedla lokhu ukuthi lendawo ayikhishiwe inyumbazane uma kuziwa ekwabiweni kwezinhlelo zentuthuko.  Kukhona eningakukhomba okwenziwe uHulumeni nokunenze nikuthakasele ukuthi nani niyizakhamuzi zakuleli.

Ingqikithi yalembizo wukuba sizonazisa mphakathi ngokusemthethweni, ukuthi uHulumeni wesiFundazwe usuhambe- wahamba waze wafinyelela esinqumeni sokuthi athathe amandla lapha kuMasipala wenu. Lokhu kwenzeke ngesandla soMnyango wami egameni loHulumeni wesiFundazwe.

Okusenze-ke size sifinyelele kulesisinqumo, yingenxa yokuthi amaKhansela enawa khetha enze ukuthi kungabi nozinzo kuloMasipala. Lokhu sikusho ngoba besilokhu sibikelwa ngokulwa kwawo nokuholele ekutheni kwezinye izikhathi kuthathwe izinqumo ezingekho emthethweni. Phakathi kokunye kunabasebenzi abamiswa ngokungemthetho, abanye baqashwe kungalandelwe mthetho, nokube nomthelela omubi ekulethweni kwezidingo ngqangi kini mphakathi.  Lokhu akwehlanga kahle neze kithi singuHulumeni nokupheqe ukuthi kubekhona esikwenzayo ukuvikela nina noMasipala.

Angazi kukangaki siwayala amaKhansela ukuthi ngaso sonke isikhathi, awahlale njalo ekhumbula ukuthi alapha emkhandlwini nje, athunywe inina mphakathi. Awayele lapha ukuyo feza izinjongo zawo kodwa ezomphakathi. Kodwa-ke kubukeka sengathi uma sikhuluma kungena ngapha kuphume ngapha. UHulumeni ngeke-ke ahlale esonge izandla inhlalakahle yomphakathi ibe iqhubeka ithunazeka. Okhethweni loHulumeni basekhaya naphuma ngobuningi benu ngenhloso yokuthi nivotele abantu abazo letha impilo engono kini. Anivotelanga ukuthi nihlupheke okukanye ukuthi amaKhansela eyolwa laphana noma athathe izinqumo ezingekho emthethweni.

Angishoke ukuthi sizame konke okusemandleni  ukulekelela amaKhansela ukuthi kube nozinzo lapha, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngikhuluma lapha ngamadoda emizi nomama bemizi kodwa abaziphathisa okwezingane zase nkulisa futhi nazo zingcono kakhulu ngoba uma uthi zithule umsindo ziyalalela. Lokhu kwaseMadlangeni angazi ngingakubiza ngani. Ngoba ngampela mangingabuza wonke lamaKhansela ukuthi ikuphi anakho okufakazela ukuthi bangabaholi abaqotho abawukhathalele umphakathi akekho namunye onganeqholo lokungikhombisa ngoba nanku uMasipala uyaqhuga.

Sibe sesibona-ke singuMnyango uCogta ukuthi impela isimo lesi sibeka inhlalo yenu mphakathi engcupheni kakhulu, nokuyilapho sibe sesibikela uNdunankulu ubaba uWillies Mchunu kanye nekhabhinethi yonke yakhe, nalapho kube sekuthathwa isinqumo sokuthi makubhekwe ukuthi umthetho-sisekelo wezwe lethu wona uthini-ke esimweni esifana nalesi.

Umthetho-sisekelo ke ngokwesigaba 139 (b), uyalela phakathi kokunye lapho uHulumeni wesiFundazwe usuzinelise khona ukuthi uzinzo alukho, sekunokuphazamiseka kokulethwa kwezidingo ngqangi, kuyodingeka ukuthi kungenelele. UMnyango lona wethu, bese kuba yiwona othatha izintambo zokulawula ukusebenza kukaMasipala, emva kokubeka lokhu ezithebeni zeKhabhinethi.

Nebala uNdunankulu uMacingwane ube esekhipha umyalelo wokuthi kumele kulandelwe umthetho-sisekelo wezwe.

Kanti futhi sibe sesibikela nesakhiwo sephalamende likazwelonke esiwumkhandlu oyiso ekusebenzeni kwezifundazwe (iNational Council of Provinces), mayelana nalesisimo salapha kanye nangezincomo zokuba kungenelelwe.

Yingakho-ke ngilapha namuhla ukuthi sibe nenkundla efana nalena lapha sinazisa khona ngokusemthethweni, ningezwa nje kuphela kwabezindaba.

Angibike-ke ukuthi sesijube umlawuli  oyiso likaNgqongqoshe nozozinza lapha. Uyena-ke ozothi alandele zonke izinsuku aqinisekisa ukuthi konke okumele kwenziwe nguMasipala ukusingatha izimpilo nenhlalo yabantu, ngempela kuyenziwa.

Mphathi wohlelo ukuba khona kwami lapha angisho ukuthi ngakolunye uhlangaothi angeneme neze ngoba lokhu kukhomba uhlobo lwamaKhansela esinawo emiphakathini yethu. Ngolwesihlanu lolu esiphuma kulo besinomhlangano omkhulu lapho simeme wonke amaKhansela ukuthi azozibophezela ohlelwenikazi lwethu lwe “Back to Basics” nesizama ngalo ukuguqula indlela yokusebenza koMasipala bethu, kuphuthume izinhlelo zentuthuko kubantu bakithi. Ngethula inkulumo yami, amaKhansela ngiwa donse ngendlebe ukuthi itshe logaya ngomunye umhlathi manje. Angeke sikubekezelele ukuthi kuzongabi nozinzo koMasipala ngenxa yawo besekuyathulakala nje. Sekuzoba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo, angiphathi uma kuze kufinyelela ekutheni kulahleka imali yabakhokhi bentela. Imali soyithatha kuwo uqobo amaKhansela, akwazi lokho. Ngibatshelile ukuthi umkhandlu akusiyo indawo yokudlala, kodwa indawo lakhona kuhlanganiswa amakhanda ngenhloso yokuthi kuqhamukwe namasu okuletha impilo engcono kubantu bakithi. Asikwazi ukuthi abantu bakithi bohlupheka kusakhona uHulumeni wobandlululo, baphinde futhi bahlupheke sekuphethe uHulumeni wabo. Phinde angeke sikuvume lokho.

Ingakho ngininxusile nasekuqaleni ukuthi nathi siwumphakathi akesiwaphoyise amaKhansela esiwakhethile. Singabesabi ngoba uma sibesaba, intuthuko soyizwa ngendaba bona bebe beqhubeka bephila kahle nemindeni yabo. Ngithi angidlule kuloku ngoba kungiphatha kabi. Nami angithandi ukuthi ngolokhu ngaba nalezi mbizo ngibikela umphakathi ngezenzo ezimbi zabantu abadala abakhombisi ukuphusa komqondo nokubeka impilo yabantu abakhethile phambili.

Ngiyazi kunemfundisoze yokuthi uHulumeni yiwo owenza kube nezinkinga lapha.  Lokhu akulona iqiniso.  AmaKhansela eniwakhethile iwona kanye asidalela izinkinga. Ngiyafisa ukuthi futhi njengaba voti nezakhamuzi akenibe nesithangami nawo niwabuze ukuthi kusuke sekwenze njani ngampela ukuthi nithi niwathume okunye wona afike enze intando yawo.

Sizwile ngandlebenye ukuthi amanye amaKhansela anokwenza ngalemashi okuthiwa beyikhona lapha kukhonondwa ngesinqumo esisithathile. Lento siyathatha njengobuxoki ngoba abantu banele bahlulwe ukwenza abathunywe kona bese kuba lula ukukhomba umunwe kuHulumeni wesiFundazwe ukuthi iwona owenza kube nezinkinga kanti cha akunjalo.  Ngiyacela kini nonke ukuthi ningabi ingxenye ya lama mashi ngoba kudlalwa ngani, kunalokho babizeni nibabuze ukuthi yini lento abayenza lapha emkhandlwini.

Ngakho-ke ngifisa ukusho ukuthi silindele ukuba njengezakhiwo zomphakathi nibambisane nalomlawuli oyiso likaNgqongqoshe esimthume lapha, ukuze konke okumele kwenzeke emphakathini kwenzeke ngempumelelo.

Ngiyacela ukuthi qikelelani ukuthi amakomidi amawadi ayaphila, yiwona phela ayizithangami ezisemqoka ukulalela izimvo zomphakathi bese zithathwa ziyiswa ebuholini bukaMasipala, nokungumnyango wethu-ke omele ubuholi bomkhandlu ngaphansi kwalesisimo esengisichazile.

Kuningi okunye okulindeleke ukuba kwenzeke kusuka manje koMasipala, nokuyizinto ebezizovele zijame nje zingenzeki lapha eMadlangeni ukuba asingenelelanga njengobuholi ezingeni lesiFundazwe.

  • Ngingabala ukuqalwa kwezinhlelo zokwakhiwa kwesabelo mali esizophasiswa maphakathi nonyaka ozayo;
  • Ngethemba ukuthi mkhulu umsebenzi owenziwayo ukuba kuxhunyanwe nomphakathi ngenhloso yokuba kubhekwe ukuthi osomqulu wentuthuko edidiyelwe phecelezi I Integrated Development Plan, ngakube asahambisana na nezidingo zomphakathi;
  • Kumele futhi kwakhiwe amakomidi omasipala asemqoka, njengalawo abhekelele ukuphathwa ngendlela kwezimali (Municipal Public Accounts Committee);
  • Kumele futhi kuqinisekiswe ukuthi bakhona abaphathi abaphezulu njengo Menenja kaMasipala kanye noMgcinimafa. Nokunye okuningi.

 

Wonke lomsebenzi bekumele engabe usunethutshana uqaliwe, kepha ngenxa yokungabikho kozinzo lomsebenzi uphazamisekile.

 

Ngakho-ke ningezwa abantu benikhohlisa bethi yithi esidala kungabi nazinzo lapha. Kodwa ukungenelela kwesiFundazwe kube yinto nathi ebesingayilangazeleli kodwa esizithole siphoqeka ukuba siyenze, ngenxa yokukhathazekela izakhamuzi emazingeni aphansi. Kanti futhi akukhonto thina esiyizuzayo ngokungenelela kodwa sisuke sivikela abavoti nokuyibona abalindele ukulethwa kwezidingo kuloMasipala.

Ngiyathanda-ke nje mphathi wohlelo sengiphetha ukuba kafushane ngichaze ukuthi ukuba khona kwalolungenelelo kanye nokuphumelela kwalo, kuncike kakhulu ekubambisaneni phakathi kwesithunywa lesi sikaHulumeni, umphakathi kanye namakhansela.

Angikuveze futhi ukuthi lomkhandlu sowuqapha ngeso lokhozi. Uma kuqhubeka kungabibikho zinzo, uMthetho-Sisekelo uyalela ukuba iKhabhinethi bese yenyusa izinga lokungenelela, ngokuthi ivele iwuhlakaze umkhandlu bese iphinde inikeza ithuba umphakathi ukuba ukhethe kabusha amakhansela okhethweni oluyoba yisipesheli.

Asilindele-ke ukuba size sifinyelele kuleloqophelo lokuhlakaza uMasipala, ngakho sinethemba elikhulu lokuthi sonke sizobambisana kuze kuba isimo sibubyela kwesijwayelekile.

Siyakhuleka naseMakhosini aseNdlunkulu ukuthi asondele, ngoba uholo lawo lubalulkile kakhulu ikakhulukazi uma isimo sinjena. Ngaphandle kwao kulesiFundazwe asisoze saqhubekela phambili.

Ngiyabonga…